Isandla Nkosi yami sakho Jesu
Sona sinamandla wokupholis'amanxeba
Nkosi yami sona siyaduduza
Sona sinamandla wokuthint'umphefumlo wam
Sengikhalel'isandla Nkosi yami (Yelul'isandla sakho)
Ukuthintwa nguwe Baba (Ube nomusa kithi)
Noma kunzim'emhlabeni ngikhalel'isandla (Yelul'isandla sakho)
Hawu ngithinte Nkosi yami (Ube nomusa kithi)
Umusa wakho wena Baba wanele bonke abantu
Unganele nami elusizini engihleli kulo
Sengishiwe yizihlobo zami
Sengishiwe ngabangani bami
Sandla sakho sona siyangiduduza
Ngikhalel'isandla Baba (Yelul'isandla sakho)
Ngikhalel'isandla sakho (Ube nomusa kithi)
Angisakhalel'i-favour yomuntu (Yelul'isandla sakho)
Sengikhalela wena Baba (Ube nomusa kithi)
Ngikhalela, ngikhalel'isandla sakho
Ngikhalel'ukuthintwa nguwe
Ngikhalel'ukuthintwa nguBaba
Sandla sakho sengikhalela sona
Ngikhalela, ngikhalela, ngikhalela sona (Yelul'isandla sakho)
Yelula Somandla (Ube nomusa kithi)
Nceba zakho zimile, nceba zakho zimile (Yelul'isandla sakho)
Umusa wakho (Ube nomusa kithi)
Yelula, yelula, yelula (Yelul'isandla sakho)
Yelul'isandla Nkosi yam (Ube nomusa kithi)
Yelula, yelula, yelula (Yelul'isandla sakho)
Yelul'isandla sakho, ubenomusa wakho (Ube nomusa kithi)
Yelula, yelula, yelula (Yelul'isandla sakho)
Yelul'isandla sakho ube nomusa (Ube nomusa kithi)
Yelula, yelula, yelula (Yelul'isandla sakho)
Yelul'isandla sakho (Kube wumusa kithi)